UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isheduli 4

UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika (1996)
Isheduli 4: Izindawo Okusetshenziswa Kuzo Amandla Okushaya Umthetho Kazwelonke Nowezifundazwe
291641UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika — Isheduli 4: Izindawo Okusetshenziswa Kuzo Amandla Okushaya Umthetho Kazwelonke Nowezifundazwe1996

Ingxenye A

  • Ukulawulwa kwamahlathi emvelo
  • Ezolimo
  • Izikhumulo zezindiza ngaphandle kwezikhumulo zezindiza zamazwe ngamazwe nezikazwelonke
  • Ukulawulwa kwezilwane nezifo
  • Amakhasino, imijaho, ukugembula nokubheja, ngaphandle kwamalotho nemihlanganyela yezemidlalo
  • Ukuvikelwa kwabathengi
  • Izindaba zezamasiko
  • Ukulawulwa kwezinhlekelele
  • Imfundo kuyo yonke imikhakha, ngaphandle kwemfundo ephakeme
  • Indawo okuphilwa kuyo
  • Ezempilo
  • Ezezindlu
  • Umthetho wendabuko kanye nomthetho wamasiko, okuphethwe yiSahluko se 12 soMthethosisekelo
  • Ukuqhutshekiselwa phambili kwezezimboni
  • Inqubomgomo yezilimi kanye nokulawulwa ngokomthetho kwezilimi ezisemthethweni kangangoba imibandela yesigaba sesi-6 soMthethosisekelo sinika ngokucacile izishayamthetho zezifundazwe amandla okushaya umthetho mayelana nalokhu
  • Ezokusakazwa kolwazi ezilawulwa ngqo noma ezihlinzekwa nguhulumeni wesifundazwe, ngokuphathwa yisigaba se-192
  • Ukuvikelwa kwemvelo, ngaphandle kwamapaki kazwelonke, izingadi zezitshalo zikazwelonke kanye nengcebo yasolwandle
  • Amaphoyisa kangangoba imibandela yeSahluko se-11 soMthethosisekelo sinikeza izishayamthetho zezifundazwe amandla okushaya imithetho mayelana nalokhu
  • Ukulawulwa kokunukubezeka kwemvelo
  • Ukuthuthukiswa kwabantu
  • Izimali zokwedlulisa ubunikazi bempahla
  • Izinkampani noma imisebenzi kahulumeni wesifundazwe mayelana nezindawo okusetshenzwa kuzo ezikule Sheduli nakuSheduli se-5
  • Izinto zokuhamba zomphakathi
  • Imisebenzi yomphakathi kuphela mayelana nezidingo zeminyango kahulumeni wesifundazwe, ekwenzeni imisebenzi yayo yokulawula imisebenzi enikezelwe yona ngokoMthethosisekelo noma nanoma yimuphi omunye umthetho
  • Ukuhlelelwa nokuthuthukiswa kwezifunda
  • Ukulawulwa kwezinto ezihamba emigwaqweni
  • Ukungiwa kwenhlabathi
  • Ezokuvakasha
  • Uhwebo
  • Ubuholi bendabuko kuphela uma kuhambisana neSahluko se-12 soMthethosisekelo
  • Ukuthuthukiswa kwezindawo ezisemadolobheni nezasemakhaya
  • Ukuthelelwa kwezinqola zokuhamba
  • Ezenhlalakahle


Ingxenye B
Izindaba zikahulumeni wendawo ezilandelayo kangangoba kubekwe esigabeni se 155(6)(a) nesesi (7):

  • Ukunukubezeka komoya
  • Imitheshwana elawula ukwakha
  • Izindawo zokunakekela izingane
  • Ukutholakala kukagesi kanye negesi
  • Ezokucishwa kwemililo
  • Ezokuvakasha zendawo
  • Izikhumulo zikamasipala zezindiza
  • Ukuhlelwa kukamasipala
  • Ezempilo zikamasipala
  • Izinto zokuhamba umphakathi zikamasipala
  • Imisebenzi yomphakathi eyenziwa ngumasipala kuphela mayelana nezidingo umasipala ahlangabezana nazo ekwenzeni umsebenzi wokulawula imisebenzi enikezelwe ngqo kuye ngaphansi kwalo
  • Isikejana esisetshenziswa uma kudingeka ukuntanta emanzini, isikejana sokuthutha abantu nezimpahla emanzini, izakhiwo ezenziwe ogwini zokuhamba abantu kanye namatheku, ngaphandle kokulawulwa kokuthutha kwezinto olwandle kwamazwe ngamazwe kanye nakuzwelonke nemidanti encikene nakho
  • Ukulawulwa kwamanzi emvula ezindaweni okwakhiwe kuzo
  • Imitheshwana elawula uhwebo
  • Izinsizo zamanzi nokuthuthwa kwendle kusiwe ezinhlelweni zokuthwala amanzi aphuzwayo kanye nasezinhlelweni zokuqoqwa kwamanzi angcolile nezokulahlwa kwendle emakhaya